Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Bathokozisa inkosi ngobubi babo, nezikhulu ngamanga abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bajabulisa inkosi ngobubi babo, nezikhulu ngamanga abo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 7:3
16 Referans Kwoze  

abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.


U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Baphi manje abaprofethi benu ababeprofetha kini ngokuthi: ‘Inkosi yaseBabele ayiyikunehlela nina naleli zwe,’ na?


Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: “Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye; ngalokho izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: “Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite