Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 7:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Noma ngizibophile ngaziqinisa izingalo zabo, nokho bacabanga okubi ngami.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 7:15
18 Referans Kwoze  

Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo,


nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na?


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.


Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,


Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?


Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na?


“Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo; ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.


Baceba okubi enhliziyweni yabo; izinsuku zonke baviva impi.


“Ngukuchithwa kwakho, Israyeli, ngokuba uphambene nami, usizo lwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite