Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kepha abaphendukela kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 7:10
18 Referans Kwoze  

Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.


Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.


akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu;


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.


Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Noma ugqula isiwula ngembokodwe etsheni lokusila phakathi komqhazulo, ubuwula baso abuyikusuka kuso.


UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.


UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite