Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, linemikhondo yegazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 IGileyadi lingumuzi wabenza inkohlakalo, limabhadubhadu yigazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, lingcoliswe ngegazi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 6:8
17 Referans Kwoze  

Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.


bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni.


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.


ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.


Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi; ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala; amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.


“Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,


Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi, walusa umhlambi ngenxa yomfazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite