Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 6:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba ngifuna uthando, hhayi umhlatshelo; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba ngifuna umusa, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 6:6
24 Referans Kwoze  

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”


Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


“Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu, angenameli imihlangano yenu.


“Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?” usho uJehova; “ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongo angithokozi ngalo.


Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.


Wahlulela abaswelayo nabampofu, kwaba kuhle; angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.


Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe,


Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.


Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na?


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?


Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.


Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho; iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.


futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe, kepha bonke abantu abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite