Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Efrayimi uyakuba yihlane ngosuku lwesijeziso; phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ngazisile okuyakuba khona impela.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:9
23 Referans Kwoze  

Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”


engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,


kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.


Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.


Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi, nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.


ngazimemezela kwasendulo, ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile, isithombe sami esibaziweyo, nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’


Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo, zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.


Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.


Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.


Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.


Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya, ngikuchithe ngenxa yezono zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite