Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bamkhohlisile uJehova, ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Abethembekanga kuSimakade, ngokuba bazale amavezandlebe, manje-ke inyanga eyethwasayo iyakubashwabadela nezabelo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Baphambuka kuJehova, ngokuba bazala abantwana bezizweni; manje inyanga izobaqeda kanye nesabelo sabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:7
15 Referans Kwoze  

Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu; bangikhohlisa ngalokho.


Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni, kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.


Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.


Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.


Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.


Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.


“Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zingikhohlisile nokungikhohlisa,” usho uJehova.


ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.


Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.


Yelula isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu nasesandleni sabafokazi


Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyo kuyazondwa ngumphefumulo wami; kungumthwalo phezu kwami, ngikhathele ngukukuthwala.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite