Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; ngalokho u-Israyeli no-Efrayimi bayakuwa ebubini babo; uJuda naye uzowa kanye nabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:5
25 Referans Kwoze  

Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayikuvuka; iphonsiwe phansi, akakho ongayivusa.”


“Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga;


Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.


Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”


Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.


Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi:


Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.


Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.


Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.


Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.


Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.


Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.


Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite