Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kabayikuzimisa izenzo zabo ukuthi babuyele kuNkulunkulu wabo, ngoba umoya wobufebe uphakathi kwabo, njalo kabamazi uJehova.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:4
22 Referans Kwoze  

Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.


Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;


Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


Makufike ukusha phezu kwamanzi alo, aze ome, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanya ngemifanekiso yabo.


Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.


Uhlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.


Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.


Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.


“Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.


Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.


“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona; ama-altare ayakuba ngukona kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite