Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo, kepha ngingumlayi wabo bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Amahlubuka ashone shi ekuhlabeni, kodwa ngiyakuwaqondisa wonke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Futhi abahlukumezi bajulile ukuze babulale, nakuba ngangiyisijeziso sabo bonke.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:2
18 Referans Kwoze  

“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?”


Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


Bahlubukile bonke nokuhlubuka, behamba behleba; bayithusi nensimbi, bangabachithi bonke.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite