Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kuyakuba kanje kubantu kanjalo nakumphristi: ngiyakubajezisa ngenxa yezindlela zabo, ngibajezise ngezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi njengabantu kuyakuba khona njengabapristi, futhi ngiyobahambela ngenxa yezindlela zabo futhi ngibuyisele kubo izenzo zabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:9
23 Referans Kwoze  

Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”


Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


UJehova wathi kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli.


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe, nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye.


Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.


UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.


Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.


“ ‘Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u-Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,


Ngokuba ebebakhonza phambi kwezithombe zabo, aba yisikhubekiso sobubi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngalokho ngiphakamisile isandla sami kuwo, isho iNkosi uJehova, athwale ububi bawo.


Esiswini wabamba umfowabo ngesithende, nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite