Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngalokho-ke izwe liyalila, bonke abahlala kulo bayonda, nezilwane zasendle, izinyoni zezulu, nezinhlanzi zasolwandle kuyashabalala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho izwe liyakukhala, bonke abakhileyo kulo badangale, nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, ngisho nezinhlanzi zolwandle ziyosuswa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:3
17 Referans Kwoze  

“Ngiyakuqothula abantu nezilwane, ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle, ngikhubekise ababi, nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.


Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi: “Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala, nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: ‘Maye, maye!’ babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;


ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Ngabuka; bheka, kwakungekho muntu; izinyoni zonke zezulu zazibalekile.


“Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.


Wathi: “UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”


Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite