Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Angiyikuhambela amadodakazi enu, uma efeba, nabafelokazi benu, uma bephinga; ngoba bahlukene nezifebe, bahlabela nezifebe; ngakho-ke abantu abangaqondi bayakuwa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:14
23 Referans Kwoze  

Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.


behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.”


akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu;


Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke.


Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.


Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.


Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.


Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera* amatende.


Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.


“Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.


“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.


Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite