Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,* ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:13
20 Referans Kwoze  

“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama-oki* adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.


UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.


Wathatha ezingutsheni zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Entabeni ende nephakemeyo uwubekile umbhede wakho; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.


nina enisha phakathi kwama-oki* phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,


Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera* amatende.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite