Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Abantu bami babuza enqoleni yabo, udondolo lwabo luyabatshela, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, baphingile phansi kukaNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:12
25 Referans Kwoze  

“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.


abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni: ‘Wena wangizala.’ Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bayakusho ukuthi: ‘Vuka, usisindise.’


Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.


lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.


Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.


kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe,


ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga, beyophinga noMoloki.


Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’


Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”


Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,


“Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula: baprofetha ngoBali, bedukisa abantu bami u-Israyeli.


“ ‘Okungenayo ezinhliziyweni zenu akuyikuba khona impela, lokhu enikushoyo ukuthi: “Siyakuba njengezizwe, njengemindeni yamazwe, ukuba sikhonze umuthi namatshe.”


Endlini yakwa-Israyeli ngibonile into eyesabekayo: kukhona ubufebe kwa-Efrayimi, u-Israyeli ungcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite