Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Bayakudla, kodwa bangasuthi, bayakufeba, kodwa bangandi, ngokuba bamshiyile uSimakade,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba bayakudla, bangasuthi; bayofeba, bangande, ngokuba bayekile ukumlalela uJehova.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:10
18 Referans Kwoze  

Lapho udlayo, awuyikusutha, kube khona ukulamba phakathi kwakho; uyakususa, ungakhululi kodwa, nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.


Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


“Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.


“Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.


Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.


Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela.


Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.


Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite