Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi uJehova kimi: “Hamba, uthande owesifazane othanda umngane wakhe, kepha oyisiphingi, njengokuthanda kukaJehova kubantwana bakwa-Israyeli, ababheka abanye onkulunkulu nabathanda imigodla yewayini.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 3:1
34 Referans Kwoze  

U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.


Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.’


Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni, kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.


Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.


Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.


Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.


bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.


Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.


Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”


UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?” Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.


Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.


Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.


Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.


Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula,* ngokuba ngiyafa uthando.


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite