Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:2
22 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”


uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: ‘Impela bayakufeba naye, yebo, naye,’ na?


“Uma ubahlulela, uma ubahlulela, ndodana yomuntu, bazise izinengiso zawoyise,


“ ‘Wawathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawahlabela zona ukuba adliwe. Babubuncane ubufebe bakho


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.


“Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.


Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa.


Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,* ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite