Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngakho-ke bheka, ngizomyenga ngimyise ehlane ngikhulume kahle naye.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:14
38 Referans Kwoze  

Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.


Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.


Ngase ngibakhipha ezweni laseGibithe, ngabangenisa ehlane.


“Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, lapho kungasayikuthiwa: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.


Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.


Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”


“Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


“Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.


Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite