Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Manje ngizakwembula ihlazo lakhe phambi kwamehlo ezithandwa zakhe, njalo kakho ozamsindisa esandleni sami.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:10
19 Referans Kwoze  

bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.


Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, kubonakale ihlazo lakho.


Uma uthi enhliziyweni yakho: Ngehlelelweni yilezi zinto na? Ngobukhulu bokona kwakho imiphetho yakho iphakanyisiwe, nezithende zakho ziyadlovulwa.


ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”


Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.


Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.


Wathatha ezingutsheni zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa.


Nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolekileyo, namafutha, nezinyosi engangikudlise khona, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite