Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 14:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, babuye baphile njengamabele, bakhahlele njengomvini, igama lakhe lodumo libe njengomvini waseLebanoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, bachume njengokusanhlamvu, baqhakaze njengomvini, udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abahlala emthunzini wakhe bayobuya; bayophila njengamabele, bakhule njengomvini; ukunambitheka kwawo kuyakuba njengewayini laseLebanoni.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 14:7
17 Referans Kwoze  

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke nohlezi emthunzini kaSomandla


UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.


“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.


Umhlaba uyakuphendula amabele, newayini elisha, namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.


ngilitshale empakameni yentaba yakwa-Israyeli, liveze amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari* omuhle, kuhlale phansi kwamagatsha onke izinyoni zezinhlobo zonke, zihlale ethunzini lamagatsha alo.


Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.


“Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova, “ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.


Izindebe zakho, makoti wami, ziyaconsa izinyosi; uju nobisi kukhona phansi kolimi lwakho, nephunga lezambatho zakho linjengephunga laseLebanoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite