Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 14:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Imixhantela yakhe iyakuxhantela, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe libe njengeLebanoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Amahlumela akhe ayokwenaba, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe liyakuba njengemisedari yaseLebhanoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Amagatsha awo ayakunwebeka, nobuhle bawo bube njengomnqumo, nephunga lawo libe njengeLebhanoni.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 14:6
19 Referans Kwoze  

Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


“Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.


Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;


UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.


Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.


Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi: “Bheka, iphunga lendodana yami linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.


Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni.


Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila, u-Israyeli akhahlele, aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.


Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, athukuthelele izitha zakhe.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite