Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 14:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakuphulukisa ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba ulaka lwami lubuyile kuye.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 14:4
30 Referans Kwoze  

Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,


Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


“Buyani nina bantwana abahlehlayo, ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.” “Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,


owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.


Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.


UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,


Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.’


Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.


Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.


Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade, ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite