Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngase ngiba njengengonyama kubo, ngiqamekela endleleni njengengwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngase ngiba njengebhubesi kubo, ngacutha endleleni njengengwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho ngizakuba njengengonyama kubo; njengengwe endleleni ngiyakubabona;

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:7
10 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.


Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.


Ukimi njengebhere* eliqamekelayo nengonyama ezindaweni ezisithekileyo.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


Ingonyama iyabhodla ehlathini, ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na?


Wathi: “UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”


UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.


Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.


Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite