Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:2
33 Referans Kwoze  

Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.


Abathulula igolide esikhwameni yini, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke, na?


Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.”


Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide, bawubethela ngezipikili nangezando ukuba ungazamazami.


Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.”


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.


“Khumbulani lokhu, nime niqinile, nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.


“Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise kepha yena lowo Amoni wenza amacala akhe aba maningi.


bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?


“Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke.


Ithole lakho, Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?


Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha, nezisebenzi zingabantu nje. Mabahlangane bonke, beme; bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.


Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.


Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite