Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Imihelo yobelethayo iyakumfikela, uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe angezi emnyango wesibeletho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izinhlungu zokubeletha ziyakumfica; uyindodana eyisiwula; ngoba akufanele ahlale isikhathi eside endaweni yokugqashuka kwabantwana.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:13
23 Referans Kwoze  

Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.


Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu, bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala. Ubuso babo bungubuso bamalangabi.


Njengokhulelweyo osondela ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu, saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.


Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolo suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –


Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,”


IDamaseku selibuthakathaka, liyaphenduka ukuba libaleke; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova. “Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.


UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.


“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.


Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite