Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, ngayithatha ngolaka lwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakunika inkosi ngolaka lwami, ngayisusa ngolaka lwami.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:11
18 Referans Kwoze  

kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”


Yebo, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; kepha inkosi ingasenzelani na?”


Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.


UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu.


Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.


USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;


USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.


USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: “Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite