Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngisezakukuhlalisa ematendeni njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:9
22 Referans Kwoze  

“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.


inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”


Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo.


futhi ningakhi indlu, ningahlwanyeli imbewu, ningatshali isivini, ningabi naso, ngokuba niyakuhlala ematendeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.’


Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.


Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.


Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nehini* elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni.


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.


Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.


Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso, esingahlanzwanga ensileni yaso.


Njengendlwana yezinyoni igcwele zona, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngalokho bakhulile, bacebile.


ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite