Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 walwa nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo; yamfumana eBethele, yakhuluma naye lapho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Yebo, yayinamandla phezu kwengelosi futhi yanqoba; wakhala, wamncenga; wamfumana eBethele, wakhuluma nathi khona;

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:4
18 Referans Kwoze  

“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,


UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona.


Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.


Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.” Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”


Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.


Esebona ukuthi akamahluli, wathinta esikhoxeni senyonga yakhe, waphinyazeka uJakobe esikhoxeni senyonga esebambene naye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite