Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:11
18 Referans Kwoze  

“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona; ama-altare ayakuba ngukona kuye.


IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, linemikhondo yegazi.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.


“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”


“Wozani eBethele, niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo, nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”


“Ndodana yomuntu, yisho imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite