Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 11:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Angiyikuvumela ukuvutha kolaka lwami kunqobe, angiyikubuya ngichithe u-Efrayimi; ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; oNgcwele phakathi kwakho, futhi angiyikungena emzini.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 11:9
30 Referans Kwoze  

uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


“Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.


“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.


Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.


Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.


U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite