Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya libe yisipho senkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo, u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Liyakulethwa e-Asiriya libe yisipho eNkosini uJarebi; U-Efrayimi uyokwamukela ihlazo, futhi u-Israyeli uyoba namahloni ngecebo lakhe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:6
22 Referans Kwoze  

“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Ngalokho amandla kaFaro ayakuba ngamahloni kini, ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.


Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.


Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.


Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.


“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo.


Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa; amasu akhe ayamlahla phansi.


Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.


Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite