Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inhliziyo yabo yahlukene phakathi; manje bayotholakala bentula; uyakuwadiliza ama-altare abo, achithe izithombe zabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:2
24 Referans Kwoze  

Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.


U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.


umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


“Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.*”


“Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


“U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu: u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.


Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.’ ”


Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela.


Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye,


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.


Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.


ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite