Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngakho kuyakuvuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zonke izinqaba zakho ziphangwe, njengalokho uSalmani aphanga iBeti Aribeli ngosuku lwempi; unina uchotshoziwe phezu kwabantwana bakhe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:14
21 Referans Kwoze  

ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso; sihleka zonke izinqaba, sinqwabela uthuli, sizithathe.


Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane ayingqalabutho; uma inyakaziswa, awela emlonyeni wodlayo.


Nalo lamukiswa, laya ekuthunjweni, nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngezikhulu zalo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.


INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


Imizi inqotshiwe, nezinqaba zithathiwe; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.


Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?


Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.


Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.


“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.


ngiyinqume imizi yasezweni lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite