Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nilima ububi, navuna ububi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nathembela endleleni yenu, ngobuningi bamaqhawe enu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:13
19 Referans Kwoze  

Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.


Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.


Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”


“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.


Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.


Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.


ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze, ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.


“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite