Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kuyakuthi uma sengithanda, ngibajezise. Izizwe ziyakubahlanganyela lapho zibabopha ngeziphambeko zabo eziphindwe kabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kusesifiso sami ukuthi ngibajezise; futhi abantu bayobuthana ngokumelene nabo uma bebabopha emiseleni yabo emibili.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:10
20 Referans Kwoze  

“Isiyakuphela intukuthelo yami, nganelise ukufutheka kwami ngabo, ngiduduzeke; bayakwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengifezile ukufutheka kwami ngabo.


Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.


Noma beqasha phakathi kwabezizwe, manje sengiyakubabutha, bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.


“Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.


“Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabase-Asiriya abakhanukelayo.


Ngiyakuqeda ukufutheka kwami kuwe, umhawu wami usuke kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisacunuka.


ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.


‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange, ngizibuthe phakathi nalo muzi.


Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.


Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti, uMninimandla ka-Israyeli: “E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami, ngiziphindisele ezitheni zami,


Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.


“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?


Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?


Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite