Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa ngiyohawukela indlu yakwaJuda futhi ngiyophule ngoJehova uNkulunkulu wayo, futhi ngeke ngibakhulule ngomnsalo noma ngenkemba noma ngempi, ngamahhashi noma ngezinkweli zamahhashi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 1:7
26 Referans Kwoze  

Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”


“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.


lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,


ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.


ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”


Esemlumulile uLo Ruhama,* wakhulelwa, wazala indodana.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”


Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.


Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.


Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”


kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite