Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkazimulo yale ndlu yokugcina iyakuba nkulu kuneyokuqala,” usho uJehova Sebawoti; kulendawo ngizanika ukuthula,” kutsho uJehova uSomandla.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:9
20 Referans Kwoze  

Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.


Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.


Ukuthula kuyakuba yilokhu: lapho umAsiriya engena ezweni lakithi, anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.


Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza, zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami, ngiyidumise indlu yodumo lwami.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, nincele, niphathwe ngezingalo zalo, niwothwe nisemathangeni.


Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova.


‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite