Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyozamazamisa zonke izizwe, futhi okufiselekayo kuzo zonke izizwe kuyofika; ngiyakuyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,” usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:7
36 Referans Kwoze  

“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.


Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,


Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’


Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza, zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami, ngiyidumise indlu yodumo lwami.


nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”


Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.


Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;


Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.


Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.


“Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone; babuthana bonke, beza kuwe; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.


Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba.


Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli


Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso bami.


Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova.


Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite