Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kodwa qina manje, Zerubhabhele,’ kusho uSimakade, ‘qina, nawe Joshuwa, ndodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, qinani nonke nina bantu bezwe,’ kusho uSimakade, ‘nisebenze ngokuba Mina nginani,’ kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha manje qina, Zerubabele, usho uJehova; futhi qina, Joshuwa, ndodana kaJosefa, mpristi omkhulu; niqine nina nonke bantu bezwe,” usho uJehova, “nisebenze; ngokuba nginani,” usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:4
20 Referans Kwoze  

Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.


Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”


Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;


Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.


kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Wayesekhuluma uHagayi, isithunywa sikaJehova, ngesimemezelo sikaJehova kubantu, wathi: “Nginani,” usho uJehova.


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,


Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.


Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.


Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite