Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kusukela kulezo zinsuku lapho umuntu efika enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakukhona eziyishumi kuphela; lapho kufika amanoni esikhamo ukuba akhiphe izitsha ezingamashumi ayisihlanu emshinini, zazingamashumi amabili kuphela.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:16
9 Referans Kwoze  

Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Ngokuba ama-eka* ayishumi esivini ayakuthela ibhati* elilodwa, nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini nasezweni lakwaMowabi; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.


“ ‘Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje, kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova,


Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite