Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “ ‘Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje, kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Ngakho-ke ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, ukuthi kwakunjani kungakabekwa itshe phezu kwelinye ethempelini likaSimakade,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Manje qaphelani kusukela kulolu suku kuqhubeke, ngaphambi kokuba kubekwe itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:15
14 Referans Kwoze  

Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.


Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova, bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi, amadodana ka-Asafa, enamasimbali* ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa-Israyeli.


‘Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu, kusukela kulolu suku nangaphambili, kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu.


Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.


Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.


Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.


kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo.


Kepha angisayikuba njalo kuyo insali yalaba bantu njengasezinsukwini zakuqala,” usho uJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite