Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ” Abapristi baphendula bathi: “Qha.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Uma umuntu ephethe inyama engcwelisiweyo ingasemphethweni wengubo yakhe, bese ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla okuphekiwe, noma iwayini noma amafutha noma ngabe yikuphi ukudla, sekuyakuba ngcwele yini na?’ ” Abaphristi baphendula bathi: “Cha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma umuntu ephethe inyama engcwele esiqeshini sengubo yakhe, athinte isinkwa noma okuphuzwayo noma iwayini noma amafutha nanoma iyiphi enye inyama, ingabe kufanele kube ngcwele? Abapristi baphendula bathi: Hatshi.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:12
8 Referans Kwoze  

Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na?


Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwe khona uyakukugeza endaweni engcwele.


Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ungcwelengcwele.


Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.


Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.


Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite