Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nilinde kakhulu, bhekani, sekukuncane; ekuletheni kwenu ekhaya, ngakuphephetha; Kungani? usho uJehova Sebawoti. Ngenxa yendlu yami eyincithakalo, nigijime, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:9
25 Referans Kwoze  

“Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu iseyize, na?”


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani.


“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;


Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.


Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”


Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.


Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.


Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abayizingcweti zokuchitha.


Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo, ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Uyakuphuma nembewu eningi, uye ensimini, ubuthe okuyingcosana, ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane.


Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.


Ngokuba ama-eka* ayishumi esivini ayakuthela ibhati* elilodwa, nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite