Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:6
31 Referans Kwoze  

“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


“Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.


kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Ngokuba ama-eka* ayishumi esivini ayakuthela ibhati* elilodwa, nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo.


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswele konke, siqedwe ngenkemba nangendlala.


Ngenxa yomhlabathi odabukileyo, ngokuba akubangakho mvula ezweni, abalimi banamahloni, bamboza amakhanda abo.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.


Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”


Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”


Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.


Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


Ngokuba babekhona abathi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.”


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo.


Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova.


“Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.


Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite