Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Akukabi yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Asikafiki isikhathi sokuba kwakhiwe kabusha indlu kaSimakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Asikafiki isikhathi, isikhathi sokwakhiwa kwendlu kaJehova.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:2
14 Referans Kwoze  

Lapho impinda yencwadi yenkosi u-Aritahishashita isifundiwe phambi kwawoRehumi noShimshayi umbhali nabangane babo, bashesha baya eJerusalema kubaJuda, babathiya ngezikhwepha nangamandla.


UJuda wathi: “Amandla abathwalayo aphelile; amabibi maningi; asisenakuluvusa ugange.”


Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.”


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle; ngiyakubulawa phandle esigcawini.”


Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:


Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi:


Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi, yathi kubo: “Anilungisi ngani izimfa zendlu na? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.”


isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite