Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengokuba uJehova uNkulunkulu wabo emthumile; abantu besaba phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona uZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, noJoshuwa indodana kaJehosadeki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengeNkosi uNkulunkulu wabo. Wamthuma, abantu besaba phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:12
19 Referans Kwoze  

Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,


Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.


“Ake ukhulume kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:


Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,


Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,


Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite