Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa lapho u-Esteri efika phambi kwenkosi, yayala ngezincwadi ukuba icebo lakhe elibi alicebile ngamaJuda libuyele ekhanda lakhe, futhi yena namadodana akhe baphanyekwe esigxotsheni.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:25
19 Referans Kwoze  

Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.


Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”


Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.


Maqondana nesihlungu sabangizungezayo mabambozwe ngububi bomlomo wabo.


Yayisisho inkosi u-Ahashiveroshi, ithi ku-Esteri inkosikazi: “Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?”


Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa, ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi.


ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”


Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo, funa baziphakamise. Sela*


“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Omba umgodi uyakuwela kuwo, nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.


“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite