Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:17
5 Referans Kwoze  

Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.


ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke


Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.


Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda, nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda, kusukela e-Indiya kuze kufike eKushe, izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo, nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.


Kwase kubizwa abalobi benkosi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo, kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi, nababusi ababephethe izifunda ngezifunda, nezikhulu zezizwe ngezizwe, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite