Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Inkosi yasilaya ukuthi kube njalo, kwaphuma umlayo eSusa; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:14
9 Referans Kwoze  

U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla, aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.”


AbaJuda ababe seShushani babuthana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi: “U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”


“Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe,


Wayesethi uHaribona, enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi: “Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani.” Inkosi yathi: “Mphanyekeni kuwo.”


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Ababi bayachithwa, bangabikho, kepha indlu yabalungileyo iyakuma.


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite